Onke ama-Asosiyesheni okuvimbela imililo kumele abhalise naboMnyango wezaManzi namaHlathi.
Abenzi bezicelo abafisa ukubhalisa kungenzeka kudingeke ukuthi bafezekise imibandela ethize okungenzeka ibe ngaphambi kobhaliso noma ngemuva kobhaliso. Lokhu kubandakanya nemibandela ekhonjiswe kwisichibiyelo somthethosisekelo wama-Asosiyesheni.
Gcwalisa ifomu ebese ulifakela ehhovisi labe-DWAF eliseduzane nawe.
Isicelo sakho sizohlolwa kanti uma samukelwe, abomnyango bazacela ukuthi ugcwalise i-Form 2: Isicelo sobhaliso ye-asosiyesheni yokuvimbela imililo.
Isicelo sakho, sizohlolwa futhi, kanti uma samukelwe, abomnyango bazokhipha isitifikedi sobhaliso.
imininingwane ye-asosiyesheni yokuvimbela imililo eyenza isicelo imininingwane yomuntu oqala inqubo yobhaliso lwe-asosiyesheni yokuvimbela imililo eyenza isicelo sokubhaliswa isiqinisekiso sokuthi akukho mnikazi oye akangabandakanywa ngamabomu emihlanganweni noma ezingxoxweni maqondana nolwazi lwe-asosiyesheni yezivimbela mililo imininingwane ngendawo i-asosiyesheni yezivimbela mililo eyenza isicelo enegunya kuyo isiqinisekiso sokuthi ayikho enye i-asosiyesheni yezivimbela mililo enenhloso yokusungula lapho noma ekhona kuleyo ndawo lapho le asosiyesheni eyenza isicelo sakhona isiqinisekiso somuntu osungula ukubunjwa kwe-asosiyesheni yokuvimbela imililo isincomo ngofanele omele uhulumeni wendawo isincomo ngomele ihhovisi lesifunda lobomnyango wezamanzi namahlathi isiqinisekiso ngomqondisi ophezulu wesifunda waboMnyango wezaManzi namaHlathi.
Cishe ngeke kwathatha izinsuku ezingu-30 zokusebenza ukuhlola isicelo kanye nokubhalisa i-asosiyesheni uma lonke ulwazi oludingekayo lunikeziwe.
